Featured Poem:
Umazisi
Enlarge poem
Featured Poem:
Umazisi
Umazise ngoba naye uyakwazisa.
Oh Nkosi! Ngiyazisa.
UMazisi iyona kuphela into ephethe yonke imininingwane ngawe
Waz’ ingaphandle lakho nengaphakathi lakho.
Kuke kwafik’ umbiko othi abantu abahambe baye e “Home Affairs”
Bayobheka ukuthi bayavela yini abab’ oMazisi.
UMazisi.
Umazise ngoba ngoba naye uyakwazisa.
Oh Nkosi Ngiyazisa!
Angiqondil’ ukukubuyesela emandulo,
Kodwa ngith’ awuphathe nje owakho uMazisi, ngesandla.
Umungam’phathanga uMazisi ngesandla okwakho kuyob’ okwezandla.
Qala-ke manje umazise uma’ unezinkinga umazise.
Um’ unezinkinga uziyise kuYise az’ uYise,
UYise abuyise izixazululo. Oh Nkosi! Ngiyazisa.
Ngoba kuyofik’ amaphoyisa kasathane.
La maphoyisa kasathane ezindleni zobumnyama ayob’ ekuyisa.
Yize ayob’ eniyisa nibaningi, kodwa nina ningakhohlwa ukuthi niyamaz’ uYise.
La maphoyisa kasathane uyothi uzihambela endlelen’ avane akuvumbe.
Wena ubovane uveze uMazisi, nakanjani endleleni ayokudedela uyodlula.
La maphoyisa kasathane ngeke wawabona ngeso lenyama,
Kodwa izenzo zayo uyob’ uzibona ngeso lenyama.
Lapho kumuntu esesebenza ngenyama
Sebemuphucile umuntu Ubuntu,
Kodwa abanye abantu bengakwaz’ ukubona
Ukuthi akusekho muntu kuloya muntu akusalanga ngisho Ubuntu.
Isaziso!
Uma ungenawo uMazisi phezu komhlaba impilo yokho ngeke iz’ ibelula.
Noma uMdali izinsuku zakho zokuphila usengazilula,
Kodwa wena ubovane ukwenze kubelula
Ubokhona uMazisi okhonzwa abaziyo ukuthi ukuphila emhlabeni
Kusa okwesikhashana likhona ingunaphakade.
Wena ubovane uvul’ impilo, ungene ngaphakathi empilweni
Ulethe ukuphila epilweni, ubuyise Ubuntu kumuntu.
Noma ngakuthiwa sebesidida ngolaseNtshonalanga
Nxa beth’ alikho iqiniso eliyiyiqiniso
Okwaba yiqiniso, ukuthi iqiniso kwasekuqaleni laliyiqiniso.
Noma laba sebengab’ amaqili phezu kweso baliqile iso
Engani baqol’ iqiniso labakhohlisi.
Babaphatha omazisi abagxotshiwe.
Njengomazisi basemhlabeni abakwenza konke okufunwa inyama,
Kodwa abangaveli ePitoli, uthi pho bayovela ePitoli?
Ubobayeka laba abaphatha omazisi bamanga abazibiza ngamakholwa
Kodwa abasiphikayo kuMazisi.
Wena ubothath’ uMazisi weqiniso umgcin’ enhlizweni.
Usathane uyobawisa ngapha nangapha,
Kowa wena njengensika esandlini sokunene sikaMazisi
Umazise, ubazise bamazi uYise.
Oh Mazisi! Ezinhlizweni zabo uyobusa.
Ngiyis’thunywa, ngithunyiwe ukuba ngizonazisa
Ngalabo bantu abantshontsh’ omazisi.
Abanye benz’ omazisi bomgunyathi,
Nasezulwini bayojeziswa bayobe begudl’ ugu nezinyathi.
Abanye abalahlekelwe omazisi bazithole sebenyamanye nabanye abangabazi.
Angingabazi uyabazi uMazisi.
Engani thina sisadla anhlamvana
Okusho ukuthi thina k’thina sitshala izinhlamvane ze kumile isimilo.
Pho kungani thina kuthina singatshali izwi ze kumil’ isizwe?
Phela uMdali emphinjeni kumina wafaka izwi,
Ingakho ngelami izwi ngimemeza elakhe izwi lizwe izwe.
Engani kuthiwa phela emqondweni uma uke waconsisela into encane nje uyafa nokufa?
Kepha mina namhlanje bengicela ningenze umbulali.
Bengicela ninginike zonke izingqondo zenu ze kuzona ngizoconsisela izwi,
Kepha kungafi nina, kepha kufe impilo engenakho ukuphila.
Bese sidedela impilo enokuphila,
Siyiphile isiphile phela uMdali le mpilo usiphile ingakho kumele siyiphile.
Ngivumeleni uMazisi uwukuphila.
Uwukuphila!
Akothi sebebundlalile bonke ubukhazikhazi basemhlabeni,
Ubokhetha owokuphila uMazisi ungalingisi bona
Abomhlaba abaphilela ukutshel’ abantu ukuthi abaphile iqinisiso,
Kodwa bona besaqhubeka bephila amanga.
Besilutha, besidukisa kodwa bephethe uMthethosisekelo wezulu ngezandla,
Ngamazwi okuphila encwadini engcwele thin’ esingakholwa besiphika kuThixo.
Oh Thixo! Bemubaza bemenz’ izithixo uMazisi.
Oh! Mazisi wokuphila ngihawukele.
Besithembisa ukuphila, ekufeni.
Ezindleleni zobumnyama bedlalw’ izinkanuko begaya impande yesono ngencwadi engcwele.
Oh ngcwele! Mazisi wokuphila ngihawukele.
Ubuse esifubeni somuntu,
Sisidabule simkhiphe unembeza engani vele abaningi abasasebenzi.
Kanti abanye sebakhishwa, ba-arbot(hwa).
Sisi-upgrade isifuba somuntu esikhundleni sikanembeza sifake uMazisi owukuphila
Oyoba isibuko esifubeni somuntu.
Ze mawufika kumuntu ungamuhluleli, kodw’ uzibone wena esifubeni.
Lokho okuyobe kugcwalis’ ubunye ukuthi uMazisi uhlala emzimbeni owedelelekile.
Kanti wena wakhiwe ngomfanekiso wakhe
Yena ukuwe naw’ ukuye nimunye emoyeni nasemphefumulweni.
Iqiniso uMazisi uwukuphila okuphakade!
Translations
The word ‘uMazisi’ in this poem refers to two different things. On one hand, it refers to a normal ‘Identity Document.’ On the other hand, it refers to the Almighty, God. On the ‘human land’ having an Identity Document ‘uMazisi’ is essential for citizenship and to benefit from the country’s government service delivery. Without this document one’s life can prove to be difficult. Biblically, if one does not bow before the Lord ‘uMazisi’ he is destined to Hell and eternal death. Therefore, the poet urges people that they should delight over the world’s resources, but they should not forget about everlasting life. That is to serve the living God.

All work on this website is licensed under a Creative Commons Attribution-NonCommercial-ShareAlike 2.5 South Africa License.
Inspiration ….
Inspiration, amazement
Ahhhhh! Powerful maan, I’m so proud South Africa cab be a better place mabenganda osonkondlo banjengalaba. Unwele olude Magcokama!